1. Izigaba zabalindisango zaziyilezi: kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.
2. UMeshelemiya wayenamadodana: nguZakariya izibulo, noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
3. no-Elamu owesihlanu, noJehohanani owesithupha, no-Eliyohenayi owesikhombisa.
4. U-Obede Edomi wayenamadodana: nguShemaya izibulo, noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu,
5. no-Amiyeli owesithupha, no-Isakare owesikhombisa, noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.
6. Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
7. Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.
8. Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
9. UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.