1 Izikronike 25:18-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

19. eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

20. eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

21. eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

22. eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

23. eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

24. eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

25. eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

26. eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

27. eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

28. eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

29. eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

30. eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

31. eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.

1 Izikronike 25