1 Izikronike 24:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.

4. Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.

5. Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.

6. UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

7. Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya,

8. neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi,

9. neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini,

1 Izikronike 24