1 Izikronike 24:24-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.

25. Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.

26. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.

27. Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri.

28. KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana.

29. KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.

30. Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.

31. Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.

1 Izikronike 24