22. KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.
23. Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
24. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
25. Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
26. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.
27. Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri.
28. KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana.
29. KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
30. Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.