18. neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.
19. Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.
20. Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya.
21. KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko.
22. KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.
23. Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.
24. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
25. Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
26. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.