1 Izikronike 24:18-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.

19. Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.

20. Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya.

21. KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko.

22. KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati.

23. Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine.

24. Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.

25. Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.

26. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.

1 Izikronike 24