1 Izikronike 23:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi.

8. Amadodana kaLadani: nguJehiyeli inhloko, noZethamu, noJoweli, bebathathu.

9. Amadodana kaShimeyi: ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babe yizinhloko zawoyise bakaLadani.

10. Amadodana kaShimeyi: ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babe ngamadodana kaShimeyi.

11. UJahati wayeyinhloko, noZiza ngowesibili; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise, bebalwa kanyekanye.

12. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane.

1 Izikronike 23