1 Izikronike 23:24-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

25. Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;

26. namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”

27. Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

28. Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,

29. eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwe ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;

30. nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;

31. nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;

32. bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.

1 Izikronike 23