24. Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
25. Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;
26. namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.”
27. Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.
28. Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,
29. eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwe ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;
30. nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa;
31. nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova;
32. bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.