1 Izikronike 22:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.

5. UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.

6. Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

7. UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

8. Kepha izwi likaJehova lafika kimi, lathi: ‘Uchithile igazi eliningi, uphake izimpi ezinkulu; awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;

9. bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni;* ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe;

10. uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’

11. “Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe.

12. Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho.

1 Izikronike 22