1 Izikronike 22:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”

2. UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.

3. UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,

4. nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.

5. UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.

6. Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

7. UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.

1 Izikronike 22