5. UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.
6. Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe.
7. Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.
8. UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”
9. UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:
10. “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”
11. UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi:
12. ‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”
13. UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
14. UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.
15. UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.
16. UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.