1 Izikronike 21:22-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”

23. U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.”

24. Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”

25. UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo.

26. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.

1 Izikronike 21