21. UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.
22. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”
23. U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.”
24. Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”
25. UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo.
26. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.
27. UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
28. Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona.
29. Ngokuba itabernakele* likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi.
30. Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.