1 Izikronike 21:17-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akusimi yini owayaleza ukuba abantu babalwe na? Yimina engonileyo; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo.”

18. Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi.

19. UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova.

20. U-Orinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni.

21. UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.

22. UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”

23. U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.”

24. Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”

25. UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo.

26. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.

27. UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.

28. Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona.

1 Izikronike 21