8. Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9. Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10. URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;
11. uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
12. uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
13. UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,
14. noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,
15. no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;
16. odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.
17. U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.
18. UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.
19. Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure.
20. UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.