1 Izikronike 2:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.

8. Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.

9. Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.

10. URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;

11. uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;

12. uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.

13. UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,

14. noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,

15. no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;

1 Izikronike 2