1 Izikronike 2:45-55 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.

46. U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47. Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.

48. UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.

49. Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.

50. Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,

51. noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi.

52. NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti.

53. Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli.

54. Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.

55. Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.

1 Izikronike 2