1 Izikronike 2:44-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

44. UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.

45. Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.

46. U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47. Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.

48. UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.

49. Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.

1 Izikronike 2