1 Izikronike 2:37-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;

38. u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;

39. u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;

40. u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;

41. uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.

42. Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.

43. Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema.

44. UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.

45. Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.

46. U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.

47. Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi.

1 Izikronike 2