31. Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32. Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.
33. Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.
34. Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.
35. USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
36. U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;
37. uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;
38. u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;
39. u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;
40. u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi;
41. uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
42. Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni.