3. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
4. UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5. Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
6. Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
7. Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8. Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9. Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10. URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;
11. uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
12. uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.