1 Izikronike 2:26-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.

27. Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.

28. Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.

29. Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.

30. Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.

31. Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.

32. Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.

33. Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.

34. Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha.

35. USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.

36. U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi;

37. uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede;

38. u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya;

39. u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa;

1 Izikronike 2