25. Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.
26. UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
27. Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.
28. Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.
29. Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
30. Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
31. Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32. Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.
33. Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli.