1 Izikronike 2:23-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.

24. Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.

25. Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya.

26. UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.

27. Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.

28. Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.

29. Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.

30. Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.

1 Izikronike 2