1 Izikronike 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,

2. noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

3. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.

4. UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

1 Izikronike 2