1 Izikronike 2:1-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni,

2. noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

3. Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.

4. UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

5. Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.

6. Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.

7. Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.

8. Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.

9. Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.

10. URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;

11. uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;

12. uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.

13. UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu,

14. noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu,

15. no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa;

16. odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.

17. U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.

18. UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni.

1 Izikronike 2