1 Izikronike 19:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.

5. Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda. Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda. Yathi inkosi: “Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.”

6. Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa-Amoni bathuma amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.

7. Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

8. UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.

9. Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesangweni lomuzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.

10. UJowabe esebona ukuthi impi ibhekene naye ngaphambili nangasemuva, wakhetha kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;

11. abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni.

1 Izikronike 19