10. UJowabe esebona ukuthi impi ibhekene naye ngaphambili nangasemuva, wakhetha kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
11. abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni.
12. Wathi: “Uma ama-Aramu engahlula, uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakukusiza.
13. Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”
14. UJowabe nabantu ababe naye base besondela kuwo ama-Aramu ukuba balwe; kepha abaleka phambi kwakhe.
15. Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo, bangena emzini; kepha uJowabe waya eJerusalema.
16. Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama-Aramu ayephesheya koMfula* noShofaki induna yempi kaHadarezeri phambi kwawo.
17. UDavide watshelwa, wabutha wonke u-Israyeli, wawela iJordani, wawafikela, wahlela impi ukulwa nawo. UDavide esehlelile impi ukulwa nama-Aramu, alwa naye.
18. Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.
19. Lapho izinceku zikaHadarezeri zibonile ukuthi zinqotshiwe phambi kuka-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza; ama-Aramu awathandanga ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.