12. U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.
13. Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
14. UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
15. UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana;
16. uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;
17. uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.