1 Izikronike 17:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,

10. kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.

11. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

12. Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.

1 Izikronike 17