1 Izikronike 17:5-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.

6. Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’

7. “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli;

8. nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.

9. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,

10. kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.

11. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.

12. Yiyo eyakungakhela indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sayo sobukhosi kuze kube phakade.

13. Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; angiyikuyaphuca umusa wami, njengalokho ngamaphuca owayephambi kwakho.

1 Izikronike 17