1 Izikronike 17:15-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.

16. UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi:“Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?

17. Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu.

18. “UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho.

19. Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.

20. “Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

21. Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?

22. Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo.

23. “Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho.

24. Maliqiniseke, libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.

25. “Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.

26. Manje, Jehova, wena unguNkulunkulu, ukhulumile lokho okuhle encekwini yakho;

27. kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.”

1 Izikronike 17