1. Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.”
2. UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”
3. Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4. “Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5. ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.
6. Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’
7. “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli;
8. nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
9. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,
10. kusukela emihleni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho. Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.
11. Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho, eyakuba ngeyamadodana akho; ngiyakuqinisa umbuso wayo.