1 Izikronike 16:9-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Hlabelelani kuye, nimhubele,nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.

10. Zibongeni egameni lakhe elingcwele;mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.

11. Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.

12. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe,nezahlulelo zomlomo wakhe,

13. nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,nina bantwana bakaJakobe,abakhethiweyo bakhe.

14. Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.

15. Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade,izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

16. avumelana kuso no-Abrahama,nesifungo sakhe ku-Isaka;

17. wasiqinisa kuJakobe,saba ngumthetho,naku-Israyeli,saba yisivumelwano esiphakade,

18. ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhananilibe yisabelo sefa lakho,

19. lapho naniyingcosana ngomumo,yebo, lapho naniyingcosana,futhi naniyizihambi kulo.”

20. Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso,beya kwabanye abantu.

1 Izikronike 16