6. noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
7. Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.
8. Bongani uJehova,nibize igama lakhe,nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
9. Hlabelelani kuye, nimhubele,nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
10. Zibongeni egameni lakhe elingcwele;mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
11. Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.
12. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe,nezahlulelo zomlomo wakhe,
13. nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,nina bantwana bakaJakobe,abakhethiweyo bakhe.
14. Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
15. Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade,izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,