1 Izikronike 16:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

42. kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.

43. Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.

1 Izikronike 16