1 Izikronike 16:33-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabulaebusweni bukaJehova,ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

34. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

35. Thanini: “Sisindise,Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,usibuthe, usophule kwabezizweukuba sidumise igama lakho elingcwele,sethabe ekukudumiseni.”

36. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,kusukela phakade kuze kube phakade.Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.

37. Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,

38. kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango

39. noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni

40. ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,

41. bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

1 Izikronike 16