3. Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, isinkwa saba sinye, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo.
4. Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:
5. ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili, oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu,* kanye no-Asafa ephethe amasimbali,* ewabetha,
6. noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
7. Ngalolo suku uDavide wayeseqala ukuhlela ukuba uJehova abongwe ngesandla sika-Asafa nabafowabo.
8. Bongani uJehova,nibize igama lakhe,nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
9. Hlabelelani kuye, nimhubele,nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
10. Zibongeni egameni lakhe elingcwele;mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
11. Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.
12. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe,nezahlulelo zomlomo wakhe,
13. nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,nina bantwana bakaJakobe,abakhethiweyo bakhe.