1 Izikronike 16:19-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. lapho naniyingcosana ngomumo,yebo, lapho naniyingcosana,futhi naniyizihambi kulo.”

20. Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso,beya kwabanye abantu.

21. Akavumelanga muntu ukubahlupha,wajezisa amakhosi ngenxa yabo,

22. ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,ningoni abaprofethi bami.”

23. Hlabelelani kuJehova,mhlaba wonke,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

24. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.

25. Ngokuba mkhulu uJehova,udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.

26. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.

27. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.

28. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

29. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,nize phambi kwakhe,nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.

30. Thuthumelani ebusweni bakhe,mhlaba wonke;izwe lihlala liqinile,alinakushukunyiswa.

31. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;makuthiwe ezizweni:UJehova uyinkosi.

32. Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo,amasimu ename nakho konke okukuwo.

33. Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabulaebusweni bukaJehova,ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.

1 Izikronike 16