17. wasiqinisa kuJakobe,saba ngumthetho,naku-Israyeli,saba yisivumelwano esiphakade,
18. ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhananilibe yisabelo sefa lakho,
19. lapho naniyingcosana ngomumo,yebo, lapho naniyingcosana,futhi naniyizihambi kulo.”
20. Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso,beya kwabanye abantu.
21. Akavumelanga muntu ukubahlupha,wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
22. ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,ningoni abaprofethi bami.”
23. Hlabelelani kuJehova,mhlaba wonke,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
24. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25. Ngokuba mkhulu uJehova,udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
27. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
29. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,nize phambi kwakhe,nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.