1 Izikronike 15:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;

6. kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;

7. kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu;

8. kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili;

9. kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili;

10. kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.

11. UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo:

12. “Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona.

13. Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”

14. Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

1 Izikronike 15