17. AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya,
18. bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango,
19. nabahlabeleli oHemani no-Asafa no-Ethani ukuba bakhalise amasimbali* ethusi,
20. noZakariya, no-Aziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya ukuba babe nezingubhu ezilungiselwe i-Alamoti,*
21. noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, no-Azaziya ukuba babe namahabhu* alungiselwe iSheminiti* ukuba bahole.
22. UKhenaniya induna yamaLevi wayephethe umsebenzi wokuthwala; wayefundisa ukuthwala ngokuba wayekwazi.
23. OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo.
24. OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.