1. Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
2. Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”
3. UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.
4. UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi;
5. kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;
6. kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;