1. Wazakhela izindlu emzini kaDavide; walungisela umphongolo kaNkulunkulu indawo, wawumisela itende.
2. Khona uDavide wathi: “Umphongolo kaNkulunkulu nga ungathwalwa muntu, ngamaLevi kuphela, ngokuba yiwona akhethwe nguJehova ukuthwala umphongolo kaNkulunkulu nokumkhonza kuze kube phakade.”
3. UDavide wabuthela wonke u-Israyeli eJerusalema ukukhuphulela umphongolo kaJehova endaweni yawo awulungisele yona.
4. UDavide wabutha amadodana ka-Aroni namaLevi;
5. kumadodana kaKohati: ngu-Uriyeli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amabili;
6. kumadodana kaMerari: ngu-Asaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili namashumi amabili;
7. kumadodana kaGereshomu: nguJoweli inhloko nabafowabo, beyikhulu namashumi amathathu;
8. kumadodana ka-Elisafani: nguShemaya inhloko nabafowabo, bengamakhulu amabili;
9. kumadodana kaHebroni: ngu-Eliyeli inhloko nabafowabo, bengamashumi ayisihiyagalombili;
10. kumadodana ka-Uziyeli: ngu-Aminadaba inhloko nabafowabo, beyikhulu neshumi nambili.
11. UDavide wabiza oSadoki no-Abiyathara abapristi, namaLevi o-Uriyeli, no-Asaya, noJoweli, noShemaya, no-Eliyeli, no-Aminadaba, wathi kubo: