2. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
3. UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.
4. Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
5. noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti,
6. noNoga, noNefegi, noJafiya,
7. no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.
8. AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.
9. AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa,
10. uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11. Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*