1 Izikronike 14:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu.

2. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

3. UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi.

4. Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,

1 Izikronike 14