1 Izikronike 12:8-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:

9. ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu,

10. noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,

11. no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa,

12. noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,

13. noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.

14. Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.

15. Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.

16. Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.

17. UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”

18. Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:“Singabakho thina, Davide,sinawe, wena ndodana kaJese;ukuthula, ukuthula makube nawe,ukuthula makube nabakusizayo,ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.”Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

19. Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”

20. Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.

1 Izikronike 12