1 Izikronike 12:27-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,

28. noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.

29. Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.

30. Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.

31. Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.

32. Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

33. KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.

34. KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane, zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto.

1 Izikronike 12