1 Izikronike 12:24-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.

25. Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu.

26. Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

27. UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,

1 Izikronike 12