1 Izikronike 12:18-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:“Singabakho thina, Davide,sinawe, wena ndodana kaJese;ukuthula, ukuthula makube nawe,ukuthula makube nabakusizayo,ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.”Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

19. Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”

20. Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.

21. Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.

22. Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.

23. Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.

24. Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.

25. Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu.

26. Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

27. UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,

28. noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.

29. Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.

30. Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.

31. Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.

32. Kubantwana bakwa-Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu-Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

33. KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.

1 Izikronike 12